Light From God’s Word-1689 B.C-ZULU

R175.00

By: Aucamp, Andrew, Dr.

Categories: ,

ISBN: 9781997459972

4 in stock

Ukukhanya KweZwi likaNkulunkulu kuyincazelo emfushane nethembekile yesiVumo soKholo sama-Baptisti sika-1689. Ilotshwe ngenhloso yokuqeqesha abefundisi, nabaholi bamabandla endawo. Lo msebenzi uyisingeniso esiwusizo ekutadisheni izimfundiso eziqukethwe kwisiVumo, uphinde ugcizelele iZwi likaNkulunkulu njenge gunya lokugcina kukho konke okuhlobene nokukholwa nokuphila ekukholweni.

Noma kungesiyo incwadi ebanzi kakhulu, kodwa iveza umongo nenhliziyo yesiVumo ngendlela ecacile nangesineke sikamelusi. Yakhelwe enkolelweni yokuthi izivumo emlandweni webandla, ziwusizo kubazalwane kakhulukazi uma zibaholela eZwini likaNkulunkulu.

Inhloso yale ncwadi ukuhlomisa abaholi kanye namalunga emabandleni asekhaya ngokuqonda okujulile kweqiniso leBhayibheli -hhayi nje ngenhloso yemfundo kuphela, kodwa ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu othandweni nasemthethweni weVangeli

Author

Publisher

Format